Izaga 14:12-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu,kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.

13. Nasekuhlekeni inhliziyo inobuhlungu,nokuphela kwentokozo kulusizi.

14. Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe,nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.

15. Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke,kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.

16. Ohlakaniphileyo uyesaba,udeda ebubini,kepha isiwula siyaqhosha,singanaki lutho.

17. Isififane siyenza ubuwula,kepha umuntu wamasu unokuthula.

18. Abangenalwazi badla ifa lobuwula,kepha abaqondileyo baqheliswa ngokwazi.

19. Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo,namashinga ngasemasangweni abalungileyo.

20. Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe,kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.

21. Odelela umakhelwane wakhe uyona,kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.

22. Angithi bayaduka abaceba okubi na?Umusa neqiniso kuyakuba ngokwabaqamba okuhle.

23. Wonke umshikashika unenzuzo,kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela.

24. Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo,umgexo weziwula ungubuwula.

25. Ufakazi oqinisileyo uyophula imiphefumulo,kepha ophafuza amanga unenkohliso.

Izaga 14