Izaga 14:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe,kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.

2. Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova,kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.

3. Emlonyeni wesiwula kukhona induku yokuziqhenya kwaso,kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.

4. Lapho kungekho khona izinkomo,umkhombe awunalutho,kepha inzuzo inkulu ngamandla ezinkabi.

Izaga 14