Izaga 14:1-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe,kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.

2. Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova,kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.

3. Emlonyeni wesiwula kukhona induku yokuziqhenya kwaso,kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.

4. Lapho kungekho khona izinkomo,umkhombe awunalutho,kepha inzuzo inkulu ngamandla ezinkabi.

5. Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga,kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga.

6. Isideleli siyafuna ukuhlakanipha singakutholi,kepha ukwazi kulula koqondayo.

7. Suka phambi komuntu oyisiwula,ngokuba lapho awuboni izindebe zokwazi.

8. Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe,kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.

9. Iziwula ziyadelela umnikelo wecala,kepha phakathi kwabaqotho wamukelekile.

10. Inhliziyo iyazi ubumunyu bayo;umfokazi akahlanganyeli intokozo yayo.

11. Indlu yababi iyachithwa,kepha itende labaqotho liyahluma.

12. Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu,kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.

13. Nasekuhlekeni inhliziyo inobuhlungu,nokuphela kwentokozo kulusizi.

14. Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe,nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.

15. Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke,kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.

16. Ohlakaniphileyo uyesaba,udeda ebubini,kepha isiwula siyaqhosha,singanaki lutho.

17. Isififane siyenza ubuwula,kepha umuntu wamasu unokuthula.

18. Abangenalwazi badla ifa lobuwula,kepha abaqondileyo baqheliswa ngokwazi.

19. Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo,namashinga ngasemasangweni abalungileyo.

Izaga 14