8. Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe,kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.
9. Ukukhanya kwabalungileyo kuyathokoza,kepha izibani zababi ziyacimeka.
10. Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela,kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.
11. Imfuyo etholakala kalula iyancipha,kepha obutha kancane kancane uyandiselwa.
12. Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo;isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.
13. Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa,kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa.
14. Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila,ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.
15. Ukuqonda kahle kuveza umusa,kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni.
16. Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi,kepha isiwula sihlakaza ubuwula.
17. Isithunywa esibi siwela ebubini,kepha isigijimi esithembekileyo siyimpiliso.
18. Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa,kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa.
19. Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni,kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kuzo iziwula.