4. Umphefumulo wevila uyafisa,ungatholi lutho,kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakhuluphaliswa.
5. Olungileyo uyazonda amazwi amanga,kepha omubi ubanga amahloni,ahlazise.
6. Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iphelele,kepha ububi buyachitha isoni.
7. Kukhona ozishaya ocebileyo,engenalutho kodwa;kukhona ozishaya ompofu,enemfuyo enkulu.
8. Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe,kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.
9. Ukukhanya kwabalungileyo kuyathokoza,kepha izibani zababi ziyacimeka.
10. Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela,kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.
11. Imfuyo etholakala kalula iyancipha,kepha obutha kancane kancane uyandiselwa.
12. Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo;isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.
13. Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa,kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa.
14. Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila,ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.