1. Indodana ehlakaniphileyo iyalaywa nguyise,kepha isideleli asilaleli ukukhuzwa.
2. Umuntu uyadla okuhle ngesithelo somlomo wakhe,kepha umphefumulo wabambuluzayo uyadla ubudlwangudlwangu.
3. Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe;okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.