3. Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola,kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.
4. Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,kepha ukulunga kophula ekufeni.
5. Ukulunga kopheleleyo kuqondisa indlela yakhe,kepha omubi uyakuwa ngobubi bakhe.
6. Ukulunga kwabaqotho kuyabophula,kepha abambuluzayo babanjwa ezifisweni zabo.
7. Akwethembayo umuntu omubi kuyaphela ekufeni kwakhe,nethemba lobubi liyabhubha.