11. Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa,kepha ngomlomo wababi uyachithwa.
12. Odelela umakhelwane wakhe akanakuhlakanipha,kepha umuntu onengqondo uyazithulela.
13. Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo,kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.
14. Lapho kungekho iziluleko,abantu bayawa,kepha lapho kukhona abeluleki abaningi,lapho kukhona ukuphumelela.
15. Uyahlupheka nokuhlupheka omela umfokazi,kepha ozonda ukunika isibambiso ulondekile.
16. Owesifazane onomusa uzuza udumo,nezidlwangudlwangu zizuza ingcebo.
17. Umuntu onesihawu wenzela okuhle umphefumulo wakhe,kepha ononya uhlupha inyama yakhe.
18. Omubi uthola inzuzo yenkohliso,kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.
19. Oqinile ekulungeni uyakuphila,kepha olandela okubi,kuyakuba ngukufa kwakhe.
20. Abanhliziyo ephambeneyobayisinengiso kuJehova,kepha abapheleleyo endleleni yabo bayintokozo kuye.
21. Impela omubi akayekwa,kepha inzalo yabalungileyo iyakhululwa.
22. Njengendandatho yegolide empumulweni yengulube,unjalo owesifazane omuhle ongenangqondo.
23. Isifiso sabalungileyo singokuhle kuphela;ithemba lababi lilulaka.
24. Ukhona ohlakazayo;nokho uyenezelwa kakhulu;kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela.
25. Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;ophuzisayo uyakuphuziswa naye.
26. Ogodla amabele,abantu bayamqalekisa,kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngawo.