4. nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha,nezinsizwa ukwazi namasu,
5. ukuze ohlakaniphileyo ezwe,aqhubeke ekufundeni,noqondileyo athole iziluleko ezinhle
6. ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo,namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo.
7. Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.
8. Ndodana yami,yizwa ukulaya kukayihlo,ungawushiyi umthetho kanyoko,
9. ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho,nemigexo entanyeni yakho.
10. Ndodana yami,uma izoni zikuyenga, ungavumi.
11. Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi,sibhacele ngeze ongenacala,
12. sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo,besaphilile njengabehlela egodini;