Izaga 1:4-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha,nezinsizwa ukwazi namasu,

5. ukuze ohlakaniphileyo ezwe,aqhubeke ekufundeni,noqondileyo athole iziluleko ezinhle

6. ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo,namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo.

7. Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.

8. Ndodana yami,yizwa ukulaya kukayihlo,ungawushiyi umthetho kanyoko,

9. ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho,nemigexo entanyeni yakho.

10. Ndodana yami,uma izoni zikuyenga, ungavumi.

11. Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi,sibhacele ngeze ongenacala,

12. sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo,besaphilile njengabehlela egodini;

Izaga 1