30. bengavumanga ukululeka kwami,bedelela konke ukusola kwami.
31. Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo,basuthe ngamacebo abo.
32. Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala,nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.
33. Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile,agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”