19. Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango;iyasusa ukuphila komniniyo.
20. Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni,kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini;
21. emashashalazini emigwaqo kuyaduma;ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho okuthi:
22. “Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula,nezideleli zijabula ukudelela,neziwula zizonda ukwazi, na?
23. Buyani ngokusola kwami;bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu,nginazise amazwi ami.