Izaga 1:19-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango;iyasusa ukuphila komniniyo.

20. Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni,kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini;

21. emashashalazini emigwaqo kuyaduma;ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho okuthi:

22. “Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula,nezideleli zijabula ukudelela,neziwula zizonda ukwazi, na?

23. Buyani ngokusola kwami;bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu,nginazise amazwi ami.

Izaga 1