17. Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni.
18. Kepha laba baqamekela elabo igazi,babhacela okwabo ukuphila.
19. Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango;iyasusa ukuphila komniniyo.
20. Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni,kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini;
21. emashashalazini emigwaqo kuyaduma;ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho okuthi:
22. “Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula,nezideleli zijabula ukudelela,neziwula zizonda ukwazi, na?
23. Buyani ngokusola kwami;bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu,nginazise amazwi ami.
24. Ngokuba ngibizile, nala nina;ngelula isandla sami,akubangakho onakayo;
25. kepha nichithile konke ukululeka kwami,anivumanga ukusola kwami;
26. nami ngiyakuhleka ingozi yenu,ngiklolodele ukufika kwenikwesabayo,
27. lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo,nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi,lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi.
28. “Khona bayakungibiza,kepha angiyikuphendula;bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana
29. ngenxa yokuba babezonda ukwazi,kabakhethanga ukwesaba uJehova,
30. bengavumanga ukululeka kwami,bedelela konke ukusola kwami.