17. Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni.
18. Kepha laba baqamekela elabo igazi,babhacela okwabo ukuphila.
19. Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango;iyasusa ukuphila komniniyo.
20. Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni,kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini;
21. emashashalazini emigwaqo kuyaduma;ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho okuthi:
22. “Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula,nezideleli zijabula ukudelela,neziwula zizonda ukwazi, na?
23. Buyani ngokusola kwami;bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu,nginazise amazwi ami.
24. Ngokuba ngibizile, nala nina;ngelula isandla sami,akubangakho onakayo;