6. Ukona kwendodakazi yabantu bamikukhulu kunesono saseSodomaelachithwa ngokuphazima kweso,kungasondelanga zandla kulo.
7. Abakhulu balo babehlambulukile kunongqoqwane,babe mhlophe kunobisi;imizimba yabo yayibomvana kunekorali,*isimo sabo sasinjengesafire.*
8. Ubuso babo sebumnyama kunelahle,abaziwa ezitaladini.Isikhumba sabo sinamathela emathanjeni abo,sishwabene, saba njengomuthi.
9. Babe ngcono ababebulawangenkemba kunababebulawa ngendlala,ababuna behlatshiwe ngokuswela ukudla kwensimu.
10. Izandla zabesifazane abahawukelayozapheka izingane zabo;zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.
11. UJehova ufezile ukufutheka kwakhe,uthululile ukufutheka kwentukuthelo yakhe;uphembile umlilo eSiyoni oqedile izisekelo zalo.
12. Amakhosi omhlabaayengakholwa kanye nabo bonke abakhileyo ezweniukuthi abamelene nabo nezitha zabobabeyakungena emasangweni aseJerusalema.
13. Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi baloababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.
14. Bazulazula njengezimpumputhe ezitaladini,bengcolile ngegazingangokuba zazingenakuthintwa izingubo zabo.
15. “Chezukani, ningcolile!”bamemeza kubo:“Chezukani, chezukani, ningathinti!”Lapho bebaleka bezulazula,bathi phakathi kwabezizwe:“Abasayikugogobala lapha.”
16. Ubuso bukaJehova buyabahlakaza,akasayikubanakekela.Abahloniphi ubuso babapristi,kababanga namusa kumalunga.
17. Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize;ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.