Isililo 4:5-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Abakade bedla okumnandisebechithakele ezitaladini.Ababekhuliswa ngokububende sebesingatha izala.

6. Ukona kwendodakazi yabantu bamikukhulu kunesono saseSodomaelachithwa ngokuphazima kweso,kungasondelanga zandla kulo.

7. Abakhulu balo babehlambulukile kunongqoqwane,babe mhlophe kunobisi;imizimba yabo yayibomvana kunekorali,*isimo sabo sasinjengesafire.*

8. Ubuso babo sebumnyama kunelahle,abaziwa ezitaladini.Isikhumba sabo sinamathela emathanjeni abo,sishwabene, saba njengomuthi.

9. Babe ngcono ababebulawangenkemba kunababebulawa ngendlala,ababuna behlatshiwe ngokuswela ukudla kwensimu.

10. Izandla zabesifazane abahawukelayozapheka izingane zabo;zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.

11. UJehova ufezile ukufutheka kwakhe,uthululile ukufutheka kwentukuthelo yakhe;uphembile umlilo eSiyoni oqedile izisekelo zalo.

12. Amakhosi omhlabaayengakholwa kanye nabo bonke abakhileyo ezweniukuthi abamelene nabo nezitha zabobabeyakungena emasangweni aseJerusalema.

Isililo 4