3. Namakhanka ehlisa,ancelise amazinyane awo.Indodakazi yabantu bami isinonya, njengezintshe zasehlane.
4. Ulimi loncelayo lunamathelaolwangeni lwakhe ngokoma.Izingane zicela isinkwa,kepha akakho ozihlephulelayo.
5. Abakade bedla okumnandisebechithakele ezitaladini.Ababekhuliswa ngokububende sebesingatha izala.
6. Ukona kwendodakazi yabantu bamikukhulu kunesono saseSodomaelachithwa ngokuphazima kweso,kungasondelanga zandla kulo.
7. Abakhulu balo babehlambulukile kunongqoqwane,babe mhlophe kunobisi;imizimba yabo yayibomvana kunekorali,*isimo sabo sasinjengesafire.*
8. Ubuso babo sebumnyama kunelahle,abaziwa ezitaladini.Isikhumba sabo sinamathela emathanjeni abo,sishwabene, saba njengomuthi.
9. Babe ngcono ababebulawangenkemba kunababebulawa ngendlala,ababuna behlatshiwe ngokuswela ukudla kwensimu.
10. Izandla zabesifazane abahawukelayozapheka izingane zabo;zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.