11. UJehova ufezile ukufutheka kwakhe,uthululile ukufutheka kwentukuthelo yakhe;uphembile umlilo eSiyoni oqedile izisekelo zalo.
12. Amakhosi omhlabaayengakholwa kanye nabo bonke abakhileyo ezweniukuthi abamelene nabo nezitha zabobabeyakungena emasangweni aseJerusalema.
13. Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi baloababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.
14. Bazulazula njengezimpumputhe ezitaladini,bengcolile ngegazingangokuba zazingenakuthintwa izingubo zabo.
15. “Chezukani, ningcolile!”bamemeza kubo:“Chezukani, chezukani, ningathinti!”Lapho bebaleka bezulazula,bathi phakathi kwabezizwe:“Abasayikugogobala lapha.”
16. Ubuso bukaJehova buyabahlakaza,akasayikubanakekela.Abahloniphi ubuso babapristi,kababanga namusa kumalunga.
17. Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize;ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.
18. Bazingela izinyathelo zethuukuba singahambi ezigcawini zethu.Ukugcina kwethu kuseduze,izinsuku zethu zigcwele,yebo, ukugcina kwethu kufikile.