Isililo 4:10-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Izandla zabesifazane abahawukelayozapheka izingane zabo;zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.

11. UJehova ufezile ukufutheka kwakhe,uthululile ukufutheka kwentukuthelo yakhe;uphembile umlilo eSiyoni oqedile izisekelo zalo.

12. Amakhosi omhlabaayengakholwa kanye nabo bonke abakhileyo ezweniukuthi abamelene nabo nezitha zabobabeyakungena emasangweni aseJerusalema.

13. Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi baloababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.

14. Bazulazula njengezimpumputhe ezitaladini,bengcolile ngegazingangokuba zazingenakuthintwa izingubo zabo.

15. “Chezukani, ningcolile!”bamemeza kubo:“Chezukani, chezukani, ningathinti!”Lapho bebaleka bezulazula,bathi phakathi kwabezizwe:“Abasayikugogobala lapha.”

Isililo 4