8. Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa,uyavalela umkhuleko wami.
9. Ubiyele izindlela zami ngamatshe abaziweyo,wagwegwisa imikhondo yami.
10. Ukimi njengebhere* eliqamekelayonengonyama ezindaweni ezisithekileyo.
11. Wachezukisa izindlela zami, wangidwengula,wangenza incithakalo.
12. Wansala umnsalo wakhe,wangimisa ngibe yisigcibisholo somcibisholo.
13. Wahlaba izinso zamingemicibisholo yesambo sakhe.
14. Sengingohlekwayo kubantu bonke,ngihaywa usuku lonke.
15. Wangisuthisa ngokubabayo,wangigcwalisa ngomhlonyane.
16. Waphula amazinyo ami ngohlalwane,wangembesa umlotha.
17. Walahla kude nokuthula umphefumulo wami,ngakhohlwa inhlanhla.
18. Ngathi:“Amandla ami nethemba lami kuJehova kuphelile.”
19. Khumbula ukuhlupheka kwami nosizi lwami,umhlonyane nenyongo.