Isililo 3:61-65 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

61. Uyezwa inhlamba yabo, Jehova,nawo onke amacebo abo ngami,

62. izindebe zabangivukeleyonemicabango yabo ngami izinsuku zonke.

63. Bheka ukuhlala kwabo nokuvuka kwabo;ngihaywa yibo.

64. Uyakubaphindisela, Jehova,ngokwemisebenzi yezandla zabo.

65. Uyakubanika isimbozo senhliziyo,isiqalekiso sakho sibe phezu kwabo.

Isililo 3