Isililo 3:55-66 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

55. Ngalibiza igama lakho, Jehova,ngisemgodini phansi.

56. Wezwa izwi lami;ungasithezi indlebe yakholapho ngikhalela ukusizwa.

57. Wasondela ngosukulokubiza kwami, wathi: “Ungesabi.”

58. Nkosi, umela indaba yomphefumulo wami,uyahlenga ukuphila kwami.

59. Jehova, uyabona ukoniwa kwami;thetha indaba yami.

60. Uyabona konke ukuphindisa kwabonawo onke amacebo abo ngami.

61. Uyezwa inhlamba yabo, Jehova,nawo onke amacebo abo ngami,

62. izindebe zabangivukeleyonemicabango yabo ngami izinsuku zonke.

63. Bheka ukuhlala kwabo nokuvuka kwabo;ngihaywa yibo.

64. Uyakubaphindisela, Jehova,ngokwemisebenzi yezandla zabo.

65. Uyakubanika isimbozo senhliziyo,isiqalekiso sakho sibe phezu kwabo.

66. Uyakubaxosha ngentukuthelo,ubabhubhise,bangabe besaba khona phansi kwezulu likaJehova.

Isililo 3