Isililo 3:49-59 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

49. Iso lami liyamululeka, alinqamuki;akukho ukukhawuka,

50. aze abheke uJehova,abone esezulwini.

51. Iso lami lenza umphefumulo wami ube buhlungungenxa yawo onke amadodakazi omuzi wakithi.

52. Abayizitha zami ngezebangizingele nokungizingela njengenyoni.

53. Banqume ukuphila kwami emgodini,bangiphonsa ngetshe.

54. Amanzi aminzisa ikhanda lami.Ngathi: “Nginqunyiwe.”

55. Ngalibiza igama lakho, Jehova,ngisemgodini phansi.

56. Wezwa izwi lami;ungasithezi indlebe yakholapho ngikhalela ukusizwa.

57. Wasondela ngosukulokubiza kwami, wathi: “Ungesabi.”

58. Nkosi, umela indaba yomphefumulo wami,uyahlenga ukuphila kwami.

59. Jehova, uyabona ukoniwa kwami;thetha indaba yami.

Isililo 3