4. Ugugisile inyama yami nesikhumba sami,waphula amathambo ami.
5. Ungakhele, wangihaqangenyongo nangokushikashikeka.
6. Ungihlalisile ebumnyameninjengabakade bafa.
7. Ungibiyele ukuze ngingaphumi,wenza amaketanga ami ukuba asinde.
8. Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa,uyavalela umkhuleko wami.
9. Ubiyele izindlela zami ngamatshe abaziweyo,wagwegwisa imikhondo yami.
10. Ukimi njengebhere* eliqamekelayonengonyama ezindaweni ezisithekileyo.
11. Wachezukisa izindlela zami, wangidwengula,wangenza incithakalo.
12. Wansala umnsalo wakhe,wangimisa ngibe yisigcibisholo somcibisholo.
13. Wahlaba izinso zamingemicibisholo yesambo sakhe.
14. Sengingohlekwayo kubantu bonke,ngihaywa usuku lonke.