38. Akuphumi okuhle nokubiemlonyeni woPhezukonke na?
39. Ukhononelani umuntu ophilayo,umuntu ojeziswa ngezono zakhe, na?
40. Masiphenye, sicinge izindlela zethu,sibuyele kuJehova.
41. Masiphakamise izinhliziyo zethu kanye nezandla zethukuNkulunkulu ezulwini.
42. Siphambukile, sahlubuka;wena awukuyekelanga.
43. Wazembesa ulaka, wasixosha,wabulala, ungahawukelanga.
44. Wazembesa ifu,ukuze imikhuleko yethu ingafinyeleli.
45. Usenze umphucuzo nemfucumfucuphakathi kwabantu.
46. Zonke izitha zethuzisikhamisele imilomo yazo.
47. Uvalo nomgodi kusehlele,ukubhujiswa nokuchithwa.