31. Ngokuba uJehova akayikulahlakuze kube phakade.
32. Ngokuba noma edabukisile,uyakuhawukela nokho ngokobukhulu bomusa wakhe.
33. Ngokuba akahluphi,angadabukisi abantwana babantu ngenxa yokuba ekuthanda.
34. Ukuphahlaza phansi kwezinyawozonke iziboshwa zasemhlabeni,
35. nokuchezukisa imfanelo yomuntuphambi kobuso boPhezukonke,
36. nokona umuntu ecaleni lakhe,iNkosi ayikuboni lokhu na?
37. Kwasho ubani, kwenzakala,iNkosi ingakuyalelanga, na?
38. Akuphumi okuhle nokubiemlonyeni woPhezukonke na?
39. Ukhononelani umuntu ophilayo,umuntu ojeziswa ngezono zakhe, na?
40. Masiphenye, sicinge izindlela zethu,sibuyele kuJehova.
41. Masiphakamise izinhliziyo zethu kanye nezandla zethukuNkulunkulu ezulwini.
42. Siphambukile, sahlubuka;wena awukuyekelanga.
43. Wazembesa ulaka, wasixosha,wabulala, ungahawukelanga.
44. Wazembesa ifu,ukuze imikhuleko yethu ingafinyeleli.
45. Usenze umphucuzo nemfucumfucuphakathi kwabantu.
46. Zonke izitha zethuzisikhamisele imilomo yazo.
47. Uvalo nomgodi kusehlele,ukubhujiswa nokuchithwa.
48. Iso lami liyamululeka imifula yamanzingenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.
49. Iso lami liyamululeka, alinqamuki;akukho ukukhawuka,