Isililo 3:26-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthulaukusindisa kukaJehova.

27. Kuhle kumuntu ukuba athwale ijokaebusheni bakhe.

28. Makahlale yedwa, athule,lapho emthwesa lona.

29. Makabeke umlomo wakhe othulini;mhlawumbe kungaba khona ithemba.

30. Makanike isihlathi sakhe komshayayo,asuthe ngenhlamba.

31. Ngokuba uJehova akayikulahlakuze kube phakade.

32. Ngokuba noma edabukisile,uyakuhawukela nokho ngokobukhulu bomusa wakhe.

33. Ngokuba akahluphi,angadabukisi abantwana babantu ngenxa yokuba ekuthanda.

34. Ukuphahlaza phansi kwezinyawozonke iziboshwa zasemhlabeni,

35. nokuchezukisa imfanelo yomuntuphambi kobuso boPhezukonke,

36. nokona umuntu ecaleni lakhe,iNkosi ayikuboni lokhu na?

37. Kwasho ubani, kwenzakala,iNkosi ingakuyalelanga, na?

38. Akuphumi okuhle nokubiemlonyeni woPhezukonke na?

Isililo 3