Isililo 3:22-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe,ngokuba ububele bakhe abupheli.

23. Busha ekuseni njalo;ukuthembeka kwakho kukhulu.

24. UJehova uyisabelo sami,usho umphefumulo wami;ngakho ngiyakwethemba kuye.

25. UJehova muhle kwabamethembayo,kumphefumulo omfunayo.

26. Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthulaukusindisa kukaJehova.

27. Kuhle kumuntu ukuba athwale ijokaebusheni bakhe.

28. Makahlale yedwa, athule,lapho emthwesa lona.

29. Makabeke umlomo wakhe othulini;mhlawumbe kungaba khona ithemba.

30. Makanike isihlathi sakhe komshayayo,asuthe ngenhlamba.

31. Ngokuba uJehova akayikulahlakuze kube phakade.

32. Ngokuba noma edabukisile,uyakuhawukela nokho ngokobukhulu bomusa wakhe.

33. Ngokuba akahluphi,angadabukisi abantwana babantu ngenxa yokuba ekuthanda.

34. Ukuphahlaza phansi kwezinyawozonke iziboshwa zasemhlabeni,

35. nokuchezukisa imfanelo yomuntuphambi kobuso boPhezukonke,

Isililo 3