13. Wahlaba izinso zamingemicibisholo yesambo sakhe.
14. Sengingohlekwayo kubantu bonke,ngihaywa usuku lonke.
15. Wangisuthisa ngokubabayo,wangigcwalisa ngomhlonyane.
16. Waphula amazinyo ami ngohlalwane,wangembesa umlotha.
17. Walahla kude nokuthula umphefumulo wami,ngakhohlwa inhlanhla.
18. Ngathi:“Amandla ami nethemba lami kuJehova kuphelile.”
19. Khumbula ukuhlupheka kwami nosizi lwami,umhlonyane nenyongo.
20. Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula,uthobile phakathi kwami.
21. Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami,ngalokho nginethemba: