10. Ukimi njengebhere* eliqamekelayonengonyama ezindaweni ezisithekileyo.
11. Wachezukisa izindlela zami, wangidwengula,wangenza incithakalo.
12. Wansala umnsalo wakhe,wangimisa ngibe yisigcibisholo somcibisholo.
13. Wahlaba izinso zamingemicibisholo yesambo sakhe.
14. Sengingohlekwayo kubantu bonke,ngihaywa usuku lonke.
15. Wangisuthisa ngokubabayo,wangigcwalisa ngomhlonyane.
16. Waphula amazinyo ami ngohlalwane,wangembesa umlotha.
17. Walahla kude nokuthula umphefumulo wami,ngakhohlwa inhlanhla.
18. Ngathi:“Amandla ami nethemba lami kuJehova kuphelile.”
19. Khumbula ukuhlupheka kwami nosizi lwami,umhlonyane nenyongo.
20. Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula,uthobile phakathi kwami.
21. Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami,ngalokho nginethemba:
22. ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe,ngokuba ububele bakhe abupheli.
23. Busha ekuseni njalo;ukuthembeka kwakho kukhulu.
24. UJehova uyisabelo sami,usho umphefumulo wami;ngakho ngiyakwethemba kuye.
25. UJehova muhle kwabamethembayo,kumphefumulo omfunayo.
26. Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthulaukusindisa kukaJehova.