1. Ngingumuntu obone ukuhluphekangentonga yentukuthelo yakhe.
2. Ungiholile, wangihambisa ebumnyameni,kungesikho ekukhanyeni.
3. Impela uyangiphendulela isandla sakheephinda njalo zonke izinsuku.
4. Ugugisile inyama yami nesikhumba sami,waphula amathambo ami.
5. Ungakhele, wangihaqangenyongo nangokushikashikeka.
6. Ungihlalisile ebumnyameninjengabakade bafa.
7. Ungibiyele ukuze ngingaphumi,wenza amaketanga ami ukuba asinde.
8. Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa,uyavalela umkhuleko wami.
9. Ubiyele izindlela zami ngamatshe abaziweyo,wagwegwisa imikhondo yami.
10. Ukimi njengebhere* eliqamekelayonengonyama ezindaweni ezisithekileyo.