Isililo 2:13-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Ngingafakaza ngokuthini ngawe,ngikufanise nani,ndodakazi yaseSiyoni, na?Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze,ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na?Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle.Ngubani ongakuphulukisa na?

14. Abaprofethi bakho bakubonele imibono eyize nobuwula;abambulanga ukona kwakho ukuba babuyise ukuthunjwa kwakho.Kepha bakubonele iziprofetho eziyize nezikhohlisayo.

15. Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe,bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi:“Yiwo lo muzi owawubizwa ngokuthiubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?”

16. Zonke izitha zikukhamisela umlomo wazo,zincimfa, zigedla amazinyo, zithi:“Siwugwinyile.Impela yilo usuku esilulindele;sesilufumene, silubonile.”

17. UJehova wenzile lokhu abekucebile;uligcwalisile izwi lakhe,ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo;ubhidlizile engenasihawu,wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho,waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.

18. Izinhliziyo zabo zikhala eNkosini;wena lugange lwendodakazi yaseSiyoni,izinyembezi mazehle njengemifula imini nobusuku.Mawungazivumeli ukuphumula,inhlamvu yeso lakho ingayeki.

19. Vuka ukhale ebusuku ekuqaleni kwemilindo,uthulule inhliziyo yakho njengamanzi phambi kobuso beNkosi;phakamisa izandla zakho kuyo ngenxa yokuphila kwezinganeezidangala ngendlala ezingosini zezitaladi zonke.

Isililo 2