11. Amehlo ami ayaphela izinyembezi,izibilini zami ziyaxhaphazela;isibindi sami sithululelwe emhlabathiningenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami,ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.
12. Bathi konina: “Aphi amabele newayini?”lapho bedangala njengababulawayo ezigcawini zomuzi,imiphefumulo yabo ithululelwe ezifubeni zawonina.
13. Ngingafakaza ngokuthini ngawe,ngikufanise nani,ndodakazi yaseSiyoni, na?Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze,ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na?Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle.Ngubani ongakuphulukisa na?
14. Abaprofethi bakho bakubonele imibono eyize nobuwula;abambulanga ukona kwakho ukuba babuyise ukuthunjwa kwakho.Kepha bakubonele iziprofetho eziyize nezikhohlisayo.