Isililo 2:10-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Amalunga endodakazi yaseSiyoniahlezi emhlabathini, athule;athele uthuli emakhanda awo,abhince indwangu yamasaka.Izintombi zaseJerusalema zithobisela phansi amakhanda azo.

11. Amehlo ami ayaphela izinyembezi,izibilini zami ziyaxhaphazela;isibindi sami sithululelwe emhlabathiningenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami,ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.

12. Bathi konina: “Aphi amabele newayini?”lapho bedangala njengababulawayo ezigcawini zomuzi,imiphefumulo yabo ithululelwe ezifubeni zawonina.

13. Ngingafakaza ngokuthini ngawe,ngikufanise nani,ndodakazi yaseSiyoni, na?Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze,ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na?Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle.Ngubani ongakuphulukisa na?

14. Abaprofethi bakho bakubonele imibono eyize nobuwula;abambulanga ukona kwakho ukuba babuyise ukuthunjwa kwakho.Kepha bakubonele iziprofetho eziyize nezikhohlisayo.

15. Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe,bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi:“Yiwo lo muzi owawubizwa ngokuthiubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?”

16. Zonke izitha zikukhamisela umlomo wazo,zincimfa, zigedla amazinyo, zithi:“Siwugwinyile.Impela yilo usuku esilulindele;sesilufumene, silubonile.”

17. UJehova wenzile lokhu abekucebile;uligcwalisile izwi lakhe,ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo;ubhidlizile engenasihawu,wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho,waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.

18. Izinhliziyo zabo zikhala eNkosini;wena lugange lwendodakazi yaseSiyoni,izinyembezi mazehle njengemifula imini nobusuku.Mawungazivumeli ukuphumula,inhlamvu yeso lakho ingayeki.

Isililo 2