1. Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi!Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi.Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.
2. Uyakhala nokukhala ebusuku,izinyembezi zawo zisezihlathini zawo;kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo;bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso,sebe yizitha zawo.
3. UJuda uthunjiwe ngenxayokuhlupheka nobugqila obuningi;uhlala phakathi kwabezizwe,katholi ukuphumula;bonke abamzingelayo bamfica ephakathi kobuhlungu.
4. Izindlela zaseSiyoni ziyalilangokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo;onke amasango achithekile,abapristi balo bayabubula;izintombi zalo ziyahlupheka,nalo linomunyu.
5. Abamelene nalo sebe yinhloko,izitha zalo zinokuthula,ngokuba uJehova ulihluphilengenxa yobuningi beziphambeko zalo;izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.
6. Bonke ubukhosi bumukileendodakazini yaseSiyoni;izikhulu zalo sezinjengezindluzele ezingafumani idlelo,zihambile zingenamandla ebusweni babaxoshayo.
7. IJerusalema liyakhumbula ezinsukwinizokuhlupheka kwalo nezinsizi zalokonke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo;lapho abantu balo bewela esandleni sezitha,kungekho olisizayo,abamelene nalo balibona,bahleka ukuchithwa kwalo.
8. IJerusalema lalonile kakhulu;ngalokho seliyisinengiso;bonke ababelidumisa sebelidelelangokuba bebone ubunqunu balo;seliyabubula nalo, libuyela emuva.