6. Ngamvulela-ke othandiweyo wami,kepha othandiweyo wami ubephendukile,wamuka;umphefumulo wami wawuphela ngokukhuluma kwakhe,ngamfuna, kepha angamthola;ngambiza,kodwa akaphendula.
7. Abalindi bangifumanabehambahamba emzini,bangishaya, bangilimaza;abalindi bezingange bangaphuca imvakazi yami.
8. Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema,uma nimfumana othandiweyo wami,ukuba nimtshele ukuthi ngiyafa uthando.
9. Othandiweyo wakho udlula ngani omunye,wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, na?Othandiweyo wakho udlula kuphi omunyeukuba usifungise kanjalo na?
10. Othandiweyo wami uyakhazimula ngobumhlophe, ubomvu,uyabonakala phakathi kwezigidi.