Isihlabelelo Sezihlabelelo 3:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ebusuku embhedeni wamingamfuna othandwa ngumphefumulo wami;ngamfuna, kepha angimtholanga.

2. Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini,ezitaladini nasezigcawini;ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami;ngamfuna, kepha angimtholanga.

3. Abalindi bangifumanabehambahamba emzini:“Nimbonile othandwa ngumphefumulo wami na?”

4. Ngangidlule kancane nje kubo;ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami;ngambamba, angivumanga ukuba ahambe,ngaze ngamngenisa endlini kamamenasekamelweni lowangikhulisayo.

5. Ngiyanifungisa,madodakazi aseJerusalema,ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendleukuba ningalunyakazisi,ningaluvusi uthando,lungakavumi.

6. Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi,eqhole ngemure* nangenhlaka,nangawo onke amakha omthengi, na?

7. Bheka, luhlaka lukaSolomoni!Amaqhawe angamashumi ayisithupha aluzungezileemaqhaweni akwa-Israyeli.

8. Onke aphethe izinkemba,afundile ukulwa;yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhengokwesaba ebusuku.

9. Inkosi uSolomoni izenzele uhlaka ngemithi yaseLebanoni.

10. Yenza izinsika zalo ngesiliva,nephansi lalo ngegolide,nesihlalo salo ngokububende,ubuphakathi balo bugandaywe ngothandolwamadodakazi aseJerusalema.

Isihlabelelo Sezihlabelelo 3