15. Zase zithukululwa izingelosi ezine ezilungiselwe ihora, nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale okwesithathu kwabantu.
16. Umumo wezimpi zabakhwele amahhashi wawungukuphindwa kabili kwezinkulungwane eziyishumi ziphindwe kazinkulungwane eziyishumi.
17. Nakanjalo ngabona ngombono amahhashi nabakhwele kuwo benezivikelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte* nezesibabule; namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama, nasemilonyeni yawo kuphuma umlilo, nomusi, nesibabule.
18. Ngalezo zinhlupho ezintathu kwabulawa okwesithathu kwabantu ngomlilo, nangomusi, nangesibabule, okwaphuma emilonyeni yawo.
19. Ngokuba amandla amahhashi asemilonyeni yawo nasemisileni yawo; ngokuba imisila yawo ifana nezinyoka, inamakhanda ona ngawo.
20. Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezo zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide, nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba,
21. futhi abaphendukanga ekubulaleni kwabo, nasekuthakatheni kwabo, nasebufebeni babo, nasekwebeni kwabo.