3. yathi: “Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.”
4. Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu, izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli:
5. Esizweni sakwaJuda babekwa uphawu abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaRubeni abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaGadi abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
6. esizweni sakwa-Asheri abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaNafetali abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaManase abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
7. esizweni sakwaSimeyoni abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaLevi abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwa-Isakare abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
8. esizweni sakwaZabuloni abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaJosefa abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaBenjamini abayizinkulungwane eziyishumi nambili.