Isambulo 7:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, naselwandle, nakowodwa umuthi.

2. Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa ukuba ziwone umhlaba nolwandle,

3. yathi: “Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.”

4. Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu, izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli:

5. Esizweni sakwaJuda babekwa uphawu abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaRubeni abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaGadi abayizinkulungwane eziyishumi nambili,

6. esizweni sakwa-Asheri abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaNafetali abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaManase abayizinkulungwane eziyishumi nambili,

7. esizweni sakwaSimeyoni abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwaLevi abayizinkulungwane eziyishumi nambili,esizweni sakwa-Isakare abayizinkulungwane eziyishumi nambili,

Isambulo 7