Isambulo 6:6-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu* nezimbenge ezintathu zebhali* ngodenariyu, kepha amafutha newayini ungakoni.”

7. Nalapho livula uphawu lwesine, ngezwa izwi lesidalwa sesine sithi: “Woza!”

8. Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lalingukuFa, neHayidese* lalandelana naye; base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.

9. Nalapho selivula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababe nabo.

10. Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungahluleli, uphindisele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”

11. Base benikwa, kwaba yilowo nalowo ingubo ende emhlophe, kwashiwo kubo ukuba baphumule isikhashana, baze baphelele abayizinceku kanye nabo nabazalwane babo ababezakubulawa njengabo.

12. Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,

13. nezinkanyezi zezulu zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula umphobo wawo, nxa uzanyazanyiswa ngumoya omkhulu,

14. nezulu lagoqwa njengomqulu wencwadi usongwa, nezintaba zonke neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo.

15. Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba;

16. base bethi ezintabeni nasemaweni: “Welani phezu kwethu, nisisithe ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu,

17. ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile; ngubani-ke onamandla okuma na?”

Isambulo 6