Ngase ngibona ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine nangaphakathi kwamalunga kumi iWundlu kungathi lihlatshiwe, linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.