1. Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa.
2. Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?”
3. Kwakungekho namunye ezulwini, nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, abuke kuyo.
4. Ngakhala kakhulu ngokuba kungafunyanwanga namunye ofanele ukuyivula leyo ncwadi, abuke kuyo.
5. Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.”