Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.