1. “Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi:“Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuba unegama lokuthi uyaphila, kanti ufile.
2. Vuka ulinde, uqinise okuseleyo obekuzakufa, ngokuba angifumananga imisebenzi yakho iphelelisiwe phambi kukaNkulunkulu wami;
3. ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.
4. “Kepha-ke unamagama ayingcosana eSardesi alabo abangangcolisanga izingubo zabo; bayakuhamba nami bembethe okumhlophe, ngokuba bafanele.
5. Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.
6. Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.
7. “Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi:“Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novalayo kungavuli muntu, uthi:
8. Ngiyayazi imisebenzi yakho; bheka, ngimisile phambi kwakho umnyango ovuliweyo, ongenakuvalwa muntu, ngokuba unamandla amancane, kanti waligcina izwi lami, kawuliphikanga igama lami.