18. Ngiyafakaza mina kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi; uma ekhona owenezela kulokhu, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshiwe kule ncwadi;
19. futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila, nasemzini ongcwele, nakulokhu okulotshiwe kule ncwadi.
20. Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.”Amen. Woza, Nkosi Jesu!
21. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.Amen.