Isambulo 21:23-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.

24. Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo ubukhosi bawo;

25. namasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho;

26. bayakuletha ubukhosi nodumo lwezizwe.

27. Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.

Isambulo 21