Isambulo 20:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo.

2. Yambamba udrako*, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,

3. yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana.

Isambulo 20