24. Kodwa ngithi kinina eniseleyo eThiyathira, nonke eningenaso lesi sifundiso, eningakwaziyo okujulileyo kukaSathane njengabakushoyo: Kangiphonsi phezu kwenu omunye umthwalo;
25. kepha lokho eninakho, kubambisiseni ngize ngifike.
26. “Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni lowo ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe;
27. uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphahlazwe njengezitsha ezibunjiweyo, njengalokhu nami ngamukelisiwe nguBaba;
28. futhi ngiyakumnika inkanyezi yokusa.
29. Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.