2. Ngiyayazi imisebenzi yakho, nemizamo yakho, nokubekezela kwakho, nokuthi kawunakubamela ababi; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga;
3. unokubekezela, wakhuthazela ngenxa yegama lami, kawukhathalanga.
4. “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uluyekile uthando lwakho lwakuqala;
5. ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki.
6. Kepha unalokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikolawu engiyizondayo nami.
7. “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi* likaNkulunkulu.
8. “Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi:“Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile kepha osephila, uthi:
9. Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho -- kanti ucebile -- nenhlamba yabathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge* likaSathane.
10. Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.
11. “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.
12. “Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba ukuthi:“Nakhu akushoyo onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, uthi:
13. Ngiyazi lapho wakhe khona: lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane; nokho ulibambisisile igama lami, kawuphikanga inkolo yami nasemihleni ka-Antipase, ufakazi wami, othembekayo wami, owabulawa phakathi kwenu lapho uSathane wakhe khona.