Isambulo 2:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi:“Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, uthi:

2. Ngiyayazi imisebenzi yakho, nemizamo yakho, nokubekezela kwakho, nokuthi kawunakubamela ababi; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga;

3. unokubekezela, wakhuthazela ngenxa yegama lami, kawukhathalanga.

4. “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uluyekile uthando lwakho lwakuqala;

5. ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki.

6. Kepha unalokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikolawu engiyizondayo nami.

7. “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi* likaNkulunkulu.

8. “Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi:“Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile kepha osephila, uthi:

Isambulo 2